ukuthandana nobulili obufanayo kuchaza lapho owesilisa ethandana nomunye umuntu wesilisa noma owesifazane ethandana nomunye umuntu wesifazane. Kuyinto entsha engekho emlandweni wakwaZulu ukuzwa umuntu ethandana nobulili obufana nobakhe, asikaze sizwe nasezinganekwaneni ukuthi yinto eke yenzeke yini. Akekho umkhulu esimaziyo onomuzi nomunye umkhulu noma ugogo esimaziyo onomuzi nomunye ugogo. Lokhu bekusayisingeniso esichaza ukuthi ukuthandana kobulili obufanayo yinto entsha kwisintu.
ukuthandana kobulili obufanayo ngokosiko kuke kushade umuntu wesilisa nowesifazane, ngokwenkolo nezincwadi zenkolo kuke kushade owesilisa nowesifazane, bese kuthi umthetho wase south africa wona uyakuvumela ukushada kobulili bonke. Angeke ngisho ukuthi kuhle noma kubi yini ukuthandana kobulili obufanayo, kukumuntu yena ukuthi azikhethele ukuthi yini emsebenzelayo. Uma sekukhulume inkantolo ayikho into esisuke singayiphikisa kusuke sekufana nokubhodla emswanini. Kungaba uyathanda noma awuthandi ukuthi abobulili obufana bashade ayikho into ongayenza kumele uhloniphe ilungelo labo abaliphiwa ngumthetho sisekelo.
umbono wami ume phakathi nendawo angisho ukuthi kuhle noma kubi, ngithi abakwenzayo mabakwenza uma kubajabulisa bona. ekugcineni umuntu nomuntu kumele enze into emthokozisayo. Omunye angathi ukuthandana kobulili obufanayo akubenzi abantwana, kulezinsuku sesiphila emhlabeni lapho kukhona abantu abangabafuni abantwana.
Umuthi wokuphasa wokuhlakanipha esikoleni
Grade 12 Matric whatsapp groups
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |